Umqeqeshi wakuleli oseqeqesha eSaudi Arabia, uPitso Mosimane, usegqugquzele abadlali baseNingizimu Afrika ukuthi bangazitheli ngabandayo uma kunethuba lokudlala phesheya kwezilwandle.

UMosimane, oqeqesha i-Al Ahli esigabeni sesibili kwiSaudi Pro League ushaye umsebenzi oncomekayo esebenza kwi-Al Ahly nakwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi aye eMiddle East.

“Angifuni ukususa ukukhuluma kodwa kuningi okusamele kushintshe ebholeni lakuleli. Abadlali kumele baye emazweni angaphandle ukuze bezobona umehluko.

“Ezinye izinto engizaziyo nengizibonayo…ngeke ngikhulume kakhulu ngoba ngizoziqhatha nabantu abazothi sengitshela abadlali ukuthi abafulathele elakuleli. Abadlali baseNingizimu Afrika abazi ukuthi basezingeni eliphezulu kanjani…abazi ukuthi kufanele ngabe bahola malini. Abazi kodwa kumele ngabe bahola imali engaphezulu kule abayitholayo. Ngingasho okufanayo nangabaqeqeshi.”

UMosimane uqhube waveza ukuthi abadlali kumele baye phesheya ukuze bezodlala kangcono, baphinde baqinise namaphakethe abo.

“Lokho kuzoyisiza iBafana Bafana. Abadlali bakuleli abazi ukuthi bangaba ama-millionaire ngokudlala phesheya.”