Umqeqeshi weLiberia u-Ansu Keita ukholwa wukuthi iqembu lakhe lingayishaya iBafana Bafana ukuze lizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations.
ILiberia izobhekana neBafana namhlanje e-Orlando Stadium kumdlalo okulindeleke ukuthi ushube njengoba kunamaqembu amathathu kuphela kuGroup K, okusho ukuthi onke amaphuzu azobaluleka.
Ukuze idlulele phambili iLiberia idinga okungenani ukushaya iBafana kanye bese ithola idraw kumdlalo wangesonto elizayo. NeBafana idinga umphumela ofanayo ukuze izibeke ethubeni.
“Ukushaywa emdlalweni owodwa akusho lutho…neBafana yadliwa emdlalweni wayo wokuqala. Ngiyalethemba iqembu lami. Sizele ukuzoncintisana…asizele ukuzosaba iNingizimu Afrika. Sizodlala, akukho okuzosisabisa.