Ishaqe abaningi imibiko eveza ukuthi selilowe izembe kumqeqeshi weBayern, uJulian Nagelsmann, nakuba eyifake kuma-quarterfinals e-UEFA Champions League. NakwiBundesliga izinto azibhedi kakhulu njengoba iBayern ikunombolo 2, isele ngephuzu elilodwa kwiDortmund esazobhekana nayo.

Kusasele imidlalo engaphezulu kweshumi kwiBundesliga ngakho lesi sinqumo sishiye abaningi bezibuza ukuthi ngabe kwenzenjani eBavaria.

Izikhulu zeBayern azikasho lutho ngokuxosha uNagelsmann, kodwa njengoba udaba seluqinisekiswe yiBILD, okuyiphephandaba lezemidlalo elihamba phambili eGermany, maningi amathuba okuthi kuzophela usuku lwanamhlanje sekumenyezeliwe ukuthi usexoshiwe.

Uxoshelwani uNagelsmann?

Okwamanje akukacaci kodwa ezinye izintatheli eGermany seziveze ukuthi ziyasola ukuthi akuhlangene nendlela iqembu elidlala ngayo enkundleni. Okunye okuvezwa abaphawula ngalolu daba wukuthi iBayern ayilona iqembu elivame ukuxosha abaqeqeshi ngoLwesine ebusuku ngesikhathi sekhefu leFIFA.

Akuvamile futhi ukuthi iBayern ixoshe umqeqeshi isadlala kwiChampions League.

Uma silandela izinkulumo zikaNagelsmann, ngesonto elidlule ubeqhuma yintukuthelo ekhala ngempimpi kubadlali bakhe kulandela ukuputshuka kwamaqhinga akhe ngaphambi komdlalo wabo neBayer Leverkusen abadliwa kuwo ngo 2-1.

UNagelsmann wathi uzomfuna aze amthole lo mdlali owaputshuza amaqhinga abo amasha, okungenzeka nokuthi ubehlela ukuwasebenzisa kwiChampions League emdlalweni wabo neManchester City.

“Lo muntu uzama ukuzuzani? Ulindele ukuthi kwenzekeni? Angiboni ukuthi ugqugquzelwa yini ngaphandle kokuba yixoki. Ngiyathemba akakwazi ngisho ukuzibuka esibukweni ngenxa yesenzo sakhe,” kusho uNagelsmann.

“Inkinga ngamaxoki ukuthi kunzima ukuwathola.”

Uma exoshwa lo mqeqeshi imibiko evela eGermany isiveze ukuthi uThomas Tuchel uselinde ukumenyezelwa njengomqeqeshi omusha weBayern. Nakanjani uzobekelwa umsebenzi wokunqoba iChampions League neBundesliga.

UNagelsmann ngakolunye uhlangothi kunabahlaziyi abathi kumele acuthele umsebenzi wokupheka iTottenham Hotspur ngesizini ezayo uma kuxoshwa u-Antonio Conte.