Umqeqeshi ohlonishwayo kuleli nase-Afrika, uPitso Mosimane, uthi uqoke ukujoyina leli qembu ngoba lizoba phonsela inselelo asebeyijwayele yokuvusa amaqembu amakhulu. Njengoba sasibikile ngesikhathi siveza ukuthi uPitso usezoqeqesha i-Al Ahli yaseSaudi Arabia, leli qembu likwiMvela yakhona, lizama ukubuyela kwiSaudi Premier League.

“Onke amaqembu esengiqeqeshe kuwo sijika izinto, asikaze siqeqeshe iqembu esilifica yonke into iqondile kuhamba kahle,” kuchaza uMosimane.

“Ngesikhathi sifika e-Egypt, kwakudingeka ukuthi sibabuyisele ezweni lokwaziwa emhlabeni okuyinto ababesengasayazi. Safika sanqoba iCAF Champions League, bakwazi ukubuyela kwiFIFA Club World Cup okokuqala eminyakeni eyisikhombisa. Kwasijabulisa lokho futhi sashiya umlando omuhle khona.”

UPitso uthi yena nethimba aqeqesha nalo baphonsela iMT Sport inselelo yokuthi ibatholele iqembu elizohambisana nabafisa ukukwenza.

“Yiqembu elikhulu leli, libalwa kumaqembu amane amakhulu kunawo wonke eSuadi. Kuyasijabulisa ukuthi sibekelwe umbandela wokubuyisela iqembu kwiPremier League.”