Umgadli weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, usekuvumile ukuthi i-Orlando Pirates iqinile emuva kodwa uthi bazoyithola indlela yokwakha amathuba amagoli. IPirates isangenelwe amagoli amathathu kuphela kule sizini kwimidlalo ewu-8 kwiDStv Premiership, noma isanesibalo esiphansi samagoli.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo wesemi-final yeMTN8, okusasa e-Orlando Stadium, uShalulile uthe ngeke kube lula kodwa bazoyithola indlela.
“Kuyo yonke imidlalo esidlala kuyo namaqembu amakhuLu siyakwazi ukwakha amathuba, okuzomele sikwenze nje ngoMgqibelo ukuqinisekisa ukuthi siyawavalela.
“Sihlale siwakha amathuba kwiSundowns, thina esidlala phambili sekuyisikhathi sokuthi siqinisekise ukuthi siyakora,” kusho yena.
IPirates ngakolunye uhlangothi ithenge umgadli uKermit Erasmus okulindeleke ukuthi ayisize phambili njengoba ibhekene nendlala yamagoli.