Istobha se-Orlando Pirates, uTapelo Xoki, uthi Ezimnyama azikhathazekile ngomgadli weMamelodi Sundowns uPeter Shalulile ngaphambi komdlalo wabo weMTN 8 ngoMgqibelo.

UShalulile uqhubeke la agcine khona ngesizini edlule kwiDStv Premierhip kule sizini. Usevalele amanqaku ayisithupha kwimidlalo ewu-9. UXoki nokho uthi abakhathezikile ngokumaka lo mdlali uma sebehlanga e-Orlando Stadium.

“Sikuncoma akwazi ukukwenza, ushayela iqembu lakhe amagoli kodwa akakwenzi yedwa. Kumele sinqamule amaphasi afinyelela kuye, silandele imiyalelo yomqeqeshi ngendlela okufanele sidlale ngayo. Asigxilile kuyena kuphela,” kusho uXoki.

Khonamanjalo, abalandeli bePirates bangase babone uNdabayithethwa Ndlondlo noKermit Erasmus kule mpelasonto, abasayiniswe ngesonto eledlule ngosuku lokugcina lokuhwebelana ngabadlalai, Umqeqeshi wePirates uJose Riveiro ucele ukuthi babekezele abalandeli ngoba kusazothatha isikhathi ukuthi abadlali abasha bajwayele, kodwa bona basesimeni esihle sokudlala ngoMgqibelo.