Umgadli we-Orlando Pirates uKwame Peprah useyalele inkampani emele izindaba zakhe ukuba imtholelele iqembu ngokushesha.
UPeprah ulizwa ngendaba ijezi kwiBucs selokhu kuqale lesizini.
UCele inkampani iBerlin Sports – Bridge for Talents ukuthi izame ngokusemandleni njengoba esaba ukugqunywa ebhentshini isikhathi eside eMayfair.
Kubikwa ukuthi iBucs izimisele ngokumdedela uPeprah kodwa ilinde ukuthola iqembu elizokhokha imali edingakalayo.