Unozinti weBafana Bafana uRonwen Williams ukholwa ukuthi amaqembu azodlala nesikwati kweyobungani aqine ngokwanele futhi azofaka ukushisa kulemidlalo ezodlalwa.
IBafana izongcweka neSierra Leone neBotswana kweyesihle. Lamaqembu akleliswe kunombolo 113 no-146 kwiFIFA. Ukaputeni weBafana uRonwen Williams uthi ayikho imidlalo elula e-Afrika.
“Lemidlalo emhbili angeke ibe lula, ayisekho imidlalo elula e-Afrika. Kufanele siqinise njengoba sizodlala ekhaya.
Sibuya kwimiphumela engekho mihle, ikakhulukazi kwiGuinea, okuwumdlalo okwakufanele siwunqobe ngoba sakhanda inqwaba yamathuba. Sahlulwa kwathathu, ukuzethemba kuphansi eqenjini.
Iqembu elibumbiwe liselisha, abadlali abakhona abanayo nemidlalo emihlanu eqenjini lesizwe. Sekufanele siqale ukungena kwimiqhudelwano efana ne-AFCON,” kubeka uWilliams.