Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uchaze uKevin De Bruyne njengenkakha kulandela igoli alishaye beguqisa iNewcastle ngo 3-2 emdlalweni wePremier League eSt James Park ngoMgqibelo.
UDe Bruyne ungene ngomzuzu ka-69, ezakhe zilandela emuva ngo 2-1. Lomdlali ushaye igoli lokulinganisa ngaphambi kokuphasela u-Oscar Bobb ovalele elokunqobisa iCity ngomzuzu ka-91.
UDe Bruyne ubedlala okokuqala kwiligi kusukela alimala umsipha ngo-Agasti.
“UDe Bruyne uyinkakha. Bengicabanga ukuthi akakulungele ukuqeda umdlalo wonke ngoba usehlale izinyanga ezinhlanu. Besidinga umuntu ongakwazi ukushintsha isimo somdlalo.
“Igoli lakhe kanye negoli alikhandile lisibuyise emdlalweni. Bamkhonze kakhulu abalandeli, ngiyathemba uzokwazi ukusiza iqembu kulezinyanga ezilandelayo,” kusho uPep ekhuluma nabeBT Sport.
ICity ikhuphukele endaweni yesibili kwiligi ngemuva kweLiverpool ehleli esicongweni. UGuardiola uthi iqembu lakhe likhombise intshisekelo yokuvikela isicoco ihlandla lesine.
“Libuyelwe umdlandla iqembu. Sizozama ukusivikela isicoco. Sinqobe iligi amahlandla amathathu kulandelana, kwazise zinhlanu izicoco esizinqobe kuleminyaka eyisithupha edlule.
Kubalulekile ukunqoba ngoba iLiverpool isefomini kule nyanga. Kusele umdlalo wase-Anfield okufanele sizibambele kuwo,” kubeka uGuardiola.
UPep uthi unozinti u-Ederson akalimele kakhulu yize ekhishwe ngomzuzu wesihlanu kulomdlalo.
“U-Ederson uthintekile. Angikhulumanga nodokotela. Kodwa ulimele kancane, uzolulama ngoba uzokwazi ukuphumula izinsuku ezilishumi engadlali,” kubeka uGuardiola.