Owayengumgadli weBarcelona ne-Inter Milan uSamuel Eto’o uthi iziphathimandla zebhola eNingizimu Afrika kusamele zihlale phansi ziqhamuke necebo lokuqinisa iBafana Bafana ngoba uyibona ifanelwe ukubalwa namazwe asezingeni eliphezulu ngokwebhola e-Afrika.

U-Eto’o, osewumengameli weCameroon Football Association, uvakashele iNingizimu Afrika wabeka ambalwa ngokushizila kweBafana kwi-Africa Cup of Nations.

Engxoxweni ne-AFP, u-Eto’o ubeke kanje: “kuyangixaka ukuthi kungani iBafana Bafana ingadlali kahle kwiCup of Nations. Abaphathi bebhola [baseNingizimu Afrika] kumele bahlale phansi baqhamuke nesu lokubeka iBafana Bafana phezulu ebholeni lase-Africa. Njengoba beneligi eqine kanje, kungenzeka lokhu.”

INingizimu Afrika yagcina ukunuka isicoco se-AFCON ngo-1996. Eminyakeni edlule ithwala kanzima kulo mqhudelwano. Omunye wokapteni beqembu, uRonwen Williams, uthe bayobonga uma bekwaze ukufinyelela kuma-quarterfinal, kodwa bakhona abazwakalise isifiso sokuwunqoba lo mqhudelwano.

U-Eto’o ubeka lo mbono nje muva nje usanda kuveza ukuthi akusekho kude abantu bebone izwe lase-Africa linqoba iFIFA World Cup.