IValencia ihlawuliswe imali esondele ku-R1 million kulandela ukucwaswa ngokwebala kukaVinicius Jr enkundleni yayo ngempelasonto.
Leli qembu liphinde latshelwa ukuthi izovalwa ingxenye yenkundla yalo kwimidlalo emihlanu elandelayo yeLaLiga, okusho ukuthi kuzoncipha isibalo sabalandeli bayo eMestalla.
IKhadi elibomvu elanikezwa uVini kulo mdlalo nalo selihoxisiwe.
UVini uyishiye enkingeni iLaLiga ekhalaza ngokungavikelwa kwabacwasa ngokwebala kule ligi. IReal Madrid isifake lolu daba enkantolo ifuna kujeziswe bonke ababanjwa behlukumeza lo mdlali ezinkundleni zebhola nasezinkundleni zokuxhumana.
Udaba lwakhe luze lwangenwa nawumengameli waseBrazil uLuiz Lula da Silva ogxeke ukuhlukunyezwa kwakhe eSpain.