Umqeqeshi weManchester City uvele wakhetha ukugadla kwiLiverpool ngemuva komdlalo ezakhe eziwunqobe ngo 5-0 zibhekene neNewcastle izolo ntambama.
ICity ibuyele esicongweni sePremier League ngemuva kwalo mdlalo, ishiya iLiverpool ngamaphuzu amathathu, kusele imidlalo emithathu kuphela isongwe isizini.
Ngemuva komdlalo uPep uzwakalise ukunengeka ngendlela ethandwa ngayo iLiverpool eNgilandi.
“Wonke umuntu kulelizwe uthanda iLiverpool, ngisho nabezindaba, wonke umuntu,” kusho yena.
“ILiverpool inomlando omuhle kwi-Champions League, kwiPremier League kodwa basanqobe isicoco esisodwa emnyakeni ewu-30. Anginandaba kodwa. Abantu bafuna iLiverpool inqobe kunathi. Banabalandeli abaningi emhlabeni, nase-England banabalandeli abaningi kunathi.”
UPep ubeka kanjena nje abaningi basanda kugiya ngethambo leCity lokuhluleka ukunqoba iChampions League. ILiverpool isethubeni lokudla lesi sicoco ngo-May 28, iqembu elisendleleni iReal Madrid nayo ezimisele ngeChampions League kulandela ukudla isicoco seLaLiga.
ILiverpool idinga ukunqoba yonke imidlalo esele bese ithembela ekutheni ishaywe iCity ukuze ibe sethubeni lokunqoba iPremier League. Okuzokwenza kube nzima kakhulu wukuthi ngisho bengalingana ngamaphuzu, iCity ishayele isipikili ngokuvalela amanqaku amahlanu kule mpelasonto.
ICity izodlala imidlalo esele kwiligi ngaphandle kukaRuben Dias, John Stones noKyle Walker.