Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane ujabulise okwengane ebona uPercy Tau eqeda ishobolo lokugeja phambi kwamapali beshaya i-ES Setif ngo 4-0 emlenzeni wokuqala kwisemifinal yeCAF Champions League.

UTau, obeshaya udaka ngemuva kokubuya ekulimaleni, ubeshisa izikhotha e-Al Salam Stadium eshaya amagoli amabili, waba ngumvusi wenyamazane kwelinye igoli elishaywe uMohamed Sherif. Uqokwe njengomdlali ovelele sekuphele umdlalo.

Abezindaba eGibhithe nezinkakha ze-Ahly bezilokhu zikhale njalo ngokusayiniswa kukaTau owalandwa kwiBrighton & Hove Albion. Abanye bebekhomba yena uPitso njengoba iqembu lilahle amaphuzu kwiligi lihluleka ukunqoba emidlalweni emithathu eyedlule.

UPitsi ubeke kanje ebuzwa ngoTau.

“Kufanele silinde. Ubebhekene nesikhathi esinzima sokungawashayi amagoli kodwa ubuye ngamandla emdlalweni obalulekile.

Ngiyazi sinenkinga yokusebenzisa amathuba kodwa kufanele sehlise umoya. Ngiyajabula ngoba sikwazile ukushaya amagoli amane. I-ES Setif iqinile, futhi iwatholile namathuba okushaya amagoli. Nathi sisizwe ikhadi elibomvu elitholwe iSetif, ibhola linjalo,” kubeka lomqeqeshi.

U-Amir Karaoui uphume ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-35 ngenxa yokushaya injenje.

UWael Gomaa, Ahmed Koshary noTaha Ismail bamgabanye bezinkakha zeqembu ezigxeka uPitso.

“Asikadluleli kowamanqamu yize umphumela usho okunye. Kuzoba nzima ukudlala ne-ES Setif ekuhambeni. Nginesipiliyoni esiningi ngoba ngineminyaka engu-21 ngiqeqeshe. Ziningi izimo ezinzima engibhekane nazo eminyakeni eyedlule,” kusho uPitso.

Umdlalo womlenze wesibili uzobanjelwa e-Algiers ngoMgqibelo ebusuku.