Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi inkundla esetshenziswa i-Al Ahli SC angeke ibaphazamise kulokhu uma sebetholana emlenzeni wokuqala kwisemifinal yeCAF Confederations Cup.
IPirates iyazi kahle lenkundla eseLibya ngoba i-Al Ittihad yabashaya kuyo ngo 3-2 emzuliswaneni wamaqoqo ngoFebruary.
UNcikazi uthi uyabazi ubunzima abazobhekana nabo kulenkundla enotshani obufakeliwe.
“Sineqembu elihle elikwaziyo ukumelana nezimo ezinzima. Sidlalile kulenkundla ngaphambilini, kufanele sidlale ibhola esilijwayele, siqinise emuva uma bephethe ibhola. Kufanele sishaye igoli, sithole umphumela ukuze sizobuyela ekhaya sinegoli lasekuhambeni.
Kuyinto enhle ukuthi lenkundla siyijwayele. Lenkundla sidlalile kuyona yize sebeyishintshile kancane. Kulula ukuyijwayela manje ngoba asiqali ukudlala kuyo. Leliqembu liqine kakhulu ngendlela elidlala ngayo, angiqondile ukudelela i-Al Ittihad.
Kufanele sicabange ukunqoba umdlalo. Sidlalile enkundleni egcwele, sadlala enkundleni ethule cwaka. Ngibona kungcono ukudlala endaweni engenabo abalandeli.
Ebuzwa ngesinqumo sokuphumuza abadlali ngempelasonto beshaywa iTS Galaxy ngo 1-0 maphakathi nesonto, uNcikazi ukuphikile lokho.
“Sinemiqhudelwano emibili esibhekene nayo. Sidlala iligi siphinde sidlale kwiCAF. Kufanele sihlakaniphe ngezikimu esiziqokayo ukuze sizoqina kuyona yomibili imiqhudelwano. Yonke imidlalo sifuna ukuyinqoba. UPaseka Mako kuphela olimele. Abanye abadlali bangumqemane,” kusho uNcikazi.
Umdlalo uzoqala ngehora lesithupha ntambama eMartyrs of February eBenghazi.