Inkakha yeManchester United, uRio Ferdinand, ithi umdlali waseGhana osibamba sithule du isisu se-Arsenal akekho ezingeni lomunye umdlalo owenza ezibukwayo naye kwiPremier League, uCasemiro.

UCasemiro noPartey bobabili badlala iCDM emaqenjini abo futhi awungabazeki umsebenzi abawushayayo esiswini selokhe befikile kwiPremier League besuka eSpain.

UPartery usuke kwi-Atletico Madrid wajoyina i-Arsenal ngesizini ka-2020/2021, kanti uCasemiro usuke kwizitha ze-Atleti, iReal Madrid, elibangise kwi-United kule sizini. UFerdinand uthi bobabili babalulekile emaqenjini abo kodwa ukhala ngaphansi uPartey uma beqhathaniswa.

“Ngicabanga ukuthi bobabili babalulekile emaqenjini abo, ngendlela elinganayo. Kodwa uma uqhathanisa ngokwama-stats, uCasemiro uyamshiya kakhulu uPartey,” kusho uFerdinand kwi-podcast yakhe.

“Angiboni ukuthi engakwazi ukwenza umsebenzi oshaywa wuCasemiro kwi-system ka-Erik ten Hag.”

UFerdinand ukuvumile nokho ukuthi uPartey naye uyayishaya iphasi futhi nguye oselusa izinto phakathi nesisu, uvumela abadlali abaphambi kwakhe okunguMartin Odegaard noGranit Xhaka ukuthi badlale ngokukhululeka.

I-Arsenal izobhekana neMan United ngeSonto ngo-18:30.