Owayengunompempe ohlonishwayo kuleli, u-Ace Ngcobo, uthi iSuperSport United incishwe ipenalty ecacile emdlalweni wayo neMamelodi Sundowns ngoMsombuluko.
USundowns igcine inqobe umdlalo ngo 1-0 ngegoli elivalelwe wuNeo Maema, yahamba phambili ngamaphuzu awu-16 kwilog yeDStv Premiership.
Kulo mdlalo unompempe owayephethe umdlalo wathusa abaningi engayiniki ipenalty iSuperSport kuhlatshwe umdlali wayo ebhokisini.
“Unompempe yenzeka phambi kwakhe lento, kodwa kunezinto umsizi wakhe angazibonanga futhi naye kunezinto angazibonanga, yikho kwagcina kuyi-corner. Unompempe nomsizi wakhe babegxile kwizinyawo zabadlali baphuthelwa yinto ebalulekile,” kuchaza yena.
“Okokuqala nje ukubanjwa komdlali, bese kuba ukudonswa kwakhe umsizi kanompempe okwakumele akubone. Unompempe akakubonanga ngoba kunomdlali weSundowns phambi kwakhe. Konke lokhu kwenzeka ngaphandle kwebhokisi kodwa kwaqhubeka nangaphakathi.