Ukapteni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uthi Amakhosi ngabe akude kabi kwi-log yeDStv Premiership ukube awawenzi amaphutha aholela kumagoli.
UKhune uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngoLwesine ekuseni ngaphambi komdlalo weChiefs neMamelodi Sundonws ongoMgqibelo ngo-8 ebusuku eFNB Stadium.
Amakhosi azoya kulo mdlalo esakhotha amanxeba njengoba eshaywe ngo 4-0 ebhekene naMaZulu emdlalweni odlule. Kuzokhumbuleka ukuthi umdlalo wokugcina weligi owawuphakathi kweChiefs neSundowns nawo waphela ngo 4-0 iChiefs idliwa eLoftus Versfeld.
Ekhuluma ngenduku yoSuthu uKhune uthe amaphutha abo abaqhatha nabalandeli kule sizini.
“Umqeqeshi wasibekela amaqhinga. Sangena enkundleni senza amaphutha abhedayo aholela kumagoli. Akumele ngabe ayenzeka amaphutha amangaka kubadlali beChiefs. Umqeqeshi uze wasivezela ukuthi kumagoli awu-20 asingenele kule sizini, awu-13 aqhamuke kumaphutha ethu. Ukube asikwenzanga lokho ngabe sikude kwi-log,” kuchaza uKhune.
“Kumele sikugweme ukwenza amaphutha ngasebhokisini lethu. Sidlala ibhola elihle kodwa siyaphoxa phambi kwepali. kweminye imidlalo sibuye sakhe amathuba afika ku-9 okukora esiwombeni sokuqala kodwa sishayele unozinti kanye. Kumele siyishintshe lento.”
UKhune unxuse abalandeli beChiefs ukuthi baphume ngobuningi babo bezokweseka iqembu ngoMgqibelo ngoba abayilutho ngaphandle kwabo.