Umakadebona weTS Galaxy uBernard Parker uthi usadla amathambo engqondo ngesinqumo azosithatha ngesizini ka-2024/25 njengoba esebekelwe nomsebenzi wokuqeqesha eqenjini leDStv Diski Challenge. 

UParker usikaza nokuqhubeka adlale enye isizini ngoba eseluleme ngokugcwele. 

Lomdlali uveze ukuthi usazokhuluma noSihlalo weqembu uTim Sukazi ngaphambi kokuqinisekisa indlela azoyithatha.

UParker (38) ungumakadebona ebholeni lakuleli njengoba esedlale imidlalo emgaphezulu kwengu-500 kwiPSL naseqenjini lesizwe. Wayeqale ukugijima esigabeni esikhokhelayo ngonyaka ka-2004 enikezwa ithuba yiThanda Royal Zulu.

“ITS Galaxy ishoda ngomqeqeshi weqembu leDDC. Umqeqeshi (Sead Ramovic) uphakamise igama lami noVuyo Mere ngoba efuna sibe yingxenye yeqembu leDDC. USihlalo akanayo inkinga ngalokho, uzosinikeza imvume uma sikhombisa intshisekelo yokuwuthatha umsebenzi,” kubeka uParker ekhuluma nabezindaba.

UParker, osebuya kwiRed Star Belgrade yaseSerbia neFC Twente yaseNetherlands, uthi isinqumo esicacile sizophuma emhlanganweni azowubamba noSukazi.

“Ngisazobonana noSihlalo. Besivumelane ngokuhlangana ngesonto eliphelile, ngithemba ukuthi sizoxoxisana kulelisonto noma sekuzokwenzeka uma kuphela inyanga. USihlalo ubona likhulu iqhaza engingalibamba. Ngisewumqemane, imilenze yami isavuma. Nginolwazi engizoludlulisela kubadlali abasebancane. Iqembu ngizolisebenzela noma yikuphi lapho elingidinga khona,” kubeka uParker.

IRockets ikhombise ukuvuthwa ngesizini ka-2023/24 iqeda endaweni yesithupha kwiDStv Premiership. Leliqembu liqophe umlando ngokuqeda isizini likleliswe isithupha kwazise lathenga isitifiketi seHighlands Park ngo-2020. 

UParker ufuna bakhuphule izinga kulesizini ezoqala. 

“Siqede endaweni yesithupha ngesizini edlule, saqopha umlando eqenjini. Siphule nerekhodi lamaphuzu esiwaqoqile, bekuyisizini yokuqopha umlando.

“Siqhuzuke ekugcineni sekufanele sinqobe indebe, sahlulwa yiStellenbosch. Singenile kwi-top 8, sinenselelo yokulwela izindebe ezine, singajabula uma singakwazi ukuthola noma eyodwa,” kubeka uParker.