Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uncome abadlali bakhe ngokudlala ingcwenga yebhola kusadlule izinsuku ezimbili kuphela kade bebuhlehlisa bejabulela ukunqoba iPremier League.
Ekhuluma ngemuva komdlalo wayizolo neBrighton & Hove, uPep uthe abadlali bakhe babuqede bonke utshwala baseManchester ngaphambi komdlalo wayizolo. Uthi limthusile izinga elikhombiswe abadlali bakhe kulo mdlalo.
“Bengikhathazekile kancane ngokuthi kungenzeka lehle izinga ngenxa yebhola esilidlalayo ezinyangeni ezine noma eziyisithupha ezedlule. Emahoreni awu-40 edlule sibuphuze bonke utshwala baseManchester, kodwa iyangigculisa indlela abadlale ngayo.
“Kungijabulisile kakhulu, ukuba ngompetha. Uma uzodlala neBrighton kumele ube sezingeni eluphezulu ngoba idlala kahle, yikho izodlala kwi-Europa League, kuyifanele. Nathi sikukhombisile ukuthi siyiqembu eliwahlula onke e-England.”




UGuardiola uthi ngeSonto yena ushesha walala kodwa uyazi ukuthi abadlali baqhubekile nokubhiyoza.
“Uma unqoba iPremier League kumele ukujabulele lokho. Bakwenzile nemindeni yabo, ngakusasa bavuka bangena kwi-sauna.”