Sphamandla Gumede
Umgadli waseSerbia ongaconsi phansi kubalandeli beKaizer Chiefs uSamir Nurkovic usezwakalise intshisekelo yokudlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana.
Ngesikhathi umqeqeshi uMolefi Ntseki ememezela isikwati azogadla ngaso emidlalweni emibili yokuhlungela i-AFCON 2022, abanye abalandeli bebhola kuleli babecelela ukuthi uNurkovic kanye noGaston Sirino weMamelodi Sundowns babizwe kwiBafana.
Ekhuluma nesiteshi iSAFM, uNurkovic uphinde washo ukuthi usafuna ukudlalela iBafana. “Ngiyafuna ukudlalela iBafana Bafana. Bekukhona inkulumo ngesizini edlule ngesikhathi ngishaya amagoli amaningi kodwa sekuthule manje. Ngingakujabulela ukudlalela lelizwe elihle. Yibona okumele bangithinte uma bengifuna,” kuchaza uNurkovic.
Ebuzwa ngegoli likaqethu alishaye emdlalweni womkhaya ngempelasonto, lomgadli uthe ubengajabula ukube abalandeli bebegcwele inkundla ukuzobona leligoli. “Izwe lonke laseSerbia liyawuthanda lomdlalo womkhaya. Bayazi ukuthi ngishaye igoli. Umdlalo omkhulu futhi ngijabule. Yiphupho elifezekile leli. Kubuhlungu ukuthi abalandeli bebengekho,” kuphetha uNurkovic.
Ekhuluma ngokuqoka abadlali bangaphandle abangakwazi ukumela iBafana umqeqeshi uMolefi Ntseki waveza ukuthi akukho lula ukwenza lokhu ngoba kunenqwaba yabadlali bakuleli abasebasha nabo abafuna ithuba.
“Masenze isibonelo ngoRushine de Reuck. Wazwalwa (eNingizimu Afrika) ngo-1996 bese kuba khona umuntu ofana noRicardo Nasciment (ongowaseBrazil) weSundowns. UNascimento mdala kunoRushine, kodwa uma uqoka uRicardo, ubani omenzela phansi? Abantu bazothi kunokuthuthukisa abadlali bakuleli sithathe umdlali wangaphandle samenza owaseNingizimu Afrika…yingakho kungamele sixhamazele ngalolu daba,” kusho uNtseki.