Sanele Dlamini
Ngesikhathi iTottenham Hotspur imemezela inkakha yomqeqeshi uJose Mourinho njengomqeqeshi wayo omusha ngoNovemba ngo-2019 kulandela ukuhlukana noMauricio Pochettino babehlukene phakathi abalandeli bayo ngokuqashwa kwakhe. UMourinho ufike kwiSpurs wathola iqembu elalidlale kowamanqamu kwi-UEFA Champions League (UCL) ngoJune ngawo u-2019 laguqiswa yiLiverpool kaJurgen Klopp. Abebeseka ukuqashwa kukaMourinho kuleli qembu bebembona njengomqeqeshi ozililekelela liwine izindebe ngemuva kweminyaka lithembisa kodwa linganqobi lutho.
UMourinho, owabiza owayengumqeqeshi we-Arsenal u-Arsene Wenger ngochwepheshe ekuhlulekeni ukunqoba izindebe ngo-2014, naye ubhekene nesomiso esinzima uma kukhulunywa ngezindebe eziseqopheleni eliphezulu kumasizini adlule. Ngaphambi kokuqeqesha iSpurs uMourinho wagcina enqobe iEuropa League, League Cup neCommunity Shield Cup kwiManchester United. Ungabuza noma yimuphi umlandeli webhola obuka i-English Premier League engakutshela ukuthi uMourinho wanqoba izindebe ezingathi shu eManchester. Ukunqoba kwakhe i-Europa League nokho kuyancomeka kwazise lo mncintiswano likhuphukile izinga lawo emnyakeni edlule kanti futhi nakwiligi iqembu kwaphela isizini likunombolo 2.
Ngemuva kokuqala isizini ka-2020/2021 ngegiya eliphezulu iSpurs sisuke ekubalweni kumaqembu angase anqobe isicoco sePremier League yazifaka shi ohlwini lwamaqembu alwela ukungena kwi-UCL. Leli qembu lihlezi kunombolo 6 etafuleni lisele ngamaphuzu amathathu kwiChelsea ekunombolo 4 ngemuva kwemidlalo ewu-29. Abalandeli baleli qembu bebeyibekezelela imiphumela yeqembu kwazise belenza kahle kwi-Europa futhi kunethemba lokuthi bangase bayinqobe.
Ashabalale onke amathemba iSpurs sishaywa yiDinamo Zagreb ngo 3 – 0 emdlalweni wesibili we-Europa kade bewini ngo 2 – 0 kowokuqala. Bekunethemba lokuthi uMourinho uzoshaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngalo mqhudelwano; ukunqoba indebe yase-Europe nokubuyisela iqembu kwi-UCL. Ngeke kube lula ukungena kwi-UCL ngePremier League, isizini edlule imkhombisile lokho yingakho abadlali bakhe bebezimisele kwi-Europa.
Uma kubuywa ekhefini lamaqembu esizwe, uMourinho uzobe ebanga indawo kwitop 4 neChelsea, engashayeki kulezi zinsuku, West Ham, Leicester City neManchester United. Kusekhona neLiverpool ne-Everton nabo abasayibhekile indawo ye-UCL.
UMourinho unezicoco eziwu-8 zeligi okubalwa kuzo iPremier League, Seria A neLa Liga ngokunjalo nezicoco ezimbili ze-UCL nezimbili ze-Europa. Njengamanje nokho lo mqeqeshi ngathi usaphelelwe wushatini ngoba awasabisi amaqembu awaqeqeshayo futhi awazidli nezicoco ngendlela amaqembu akhe amadala ayezidla ngayo.
Ushiye kwiChelsea yadlala kangcono ngaphansi kuka-Antonio Conte, washiya kwiManchester United yabuyela kwi-UCL yadlala kangcono…njengamanje iTottenham inabadlali ababalwa nabaphambili emhlabeni, ngabe uzosifeza isifiso sayo sokunqoba isicoco noma indebe eyodwa? Angikuboni kwenzeka lokho.