Obengumdlali we-Orlando Pirates osedlala eSaundi Arabia uMohau Nkota useveze into ayibone iyiphutha kumaqhinga ka-Abdeslam Ouaddou emdlalweni weBucs neSekhukhune United.

UNkota ushiya iPirates emasontweni ambalwa edlule, ngaphambi kokuqala kwemidlalo yokulungiselela isizini entsha eSpain.

Izolo engxoxweni no-Andile Ncube weSABC Sport uNkota ubeke umbono wakhe ngendlela iPirates edlalelwa ngayo kumdlalo wokuqala weligi, ishaywa yiSekhukhune ngo 1-0.

“Badlale kahle, ukuthi bashode ngamathuba okukora, nokuthi isikhathi esiningi bebedlalela emuva,” kusho uNkota obese-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

“Umqeqeshi udinga ukushintsha izinto esiswini. Sinenqwaba yabadlali basesiswini…kuzobaluleka njengoba kuza umdlalo omkhulu [neMamelodi Sundowns kwiMTN8].

“Kunabadlali abasezingeni eliphezulu abasebhentshini, abanye bahlezi nezihlwele. Kodwa ke, angiyena umqeqeshi…”

Umqeqeshi weBucs ugxekwe kakhulu ngokumbeka abadlali abanamava ngaphandle emdlalweni odlule. Abagadli asebesize iPirates isikhathi eside, u-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa balizwe ngendaba ijezi.

Abanye bebebuza ukuthi kungani ingadlali midfielder of the season, uMakhehlene Makhaula. Umqeqeshi uphinde wagxekwa nangokusebenzisa uTshepo Mashiloane ku-right back, ongabanga nomdlalo omuhle.