Omunye wabadlali abakhuhliswa ibhentshi kwiMamelodi Sundonws usephumele obala ngokuzizwa ehlelwa wugqozi nothando lokudlala ibhola ngenxa yesimo abhekene naso kuleli qembu.

UThapelo Maseko, obekubikwa ukuthi ufunwa amaqembu aphesheya, uthi uzibona enza konke okusemandleni kodwa ukungawatholi amathuba okudlala sekuqala ukumehlisela ugqozi lokudlala ibhola.

Lo mdlali (21), ojoyine iSundowns kumasizini amabili edlule esuka kwiSuperSport United, uveze le mizwa ebhadla ekhasini lakhe ku-Instagram ngeSonto.

“Angazi ukuthi iqale nini ukwenzeka lento, kodwa ngizwa umlilo obuphila ngaphakathi kimi wehlelwa amalangabi,” kusho uMaseko.

“Ngisaziqeqesha sengathi okokugcina empilweni yami…kodwa ngaphakathi ngizwa kunesikhala. Umdlalo obungijabulisa usushintshile, ngiwubona uwumthwalo futhi ubanda.

“Umuzwa engingawujwayele, ukuzinikela kodwa uzizwe ungabonwa. Uzitshele ukuthi uqhubeka kodwa lonke usuku uzwa kukhona into ekudlayo ngaphakathi. Injabulo yakho iyaphela.”

Lo mdlali uqhube wathi uzizwa ephelelwa yithemba futhi akazi noma uyophinde abe nalo yini esimeni akuso kwiSundowns.

Ngesizini yakhe yokuqala kwiSundowns uMaseko udlale imidlalo eyisithupha kuphela, ngenxa yokulimala. Kweyesibili, okuyisizini edlule, udlale imidlalo ewu-8 kwiligi wayalela Igoli elilodwa. Ubuye wabonakala edlala kuma-reserve.

Kule sizini kumdlalo weMTN8 weSundowns neRichards Bay ubesebhentshini kodwa akanikezwanga nowodwa umzuzu wokudlala. Emdlalweni wokuqala weligi ubengekho ngisho ebhentshini.