Obengelinye lamaphini ka-Erik ten Hag kwiManchester United, uBenni McCarthy, usebale abadlali ababili bakuleli ababona besezingeni lokudlalela amaqembu agijima kwi-UEFA Champions League.

Akekho noyedwa umdlali weBafana Bafana odlala kwiChampions League kule sizini, noma livela igama likaSiyabonga Ngezana kwi-Europa League. Empeleni umdlali wokugcina waseMzansi idlale kulo mqhudelwano kube wuPercy Tau ngesikhathi esawumdlali weClub Brugge.

UMcCarthy nokho uthi bakhona abadlali bePSL abangangena khaxa kwiChampions League yase-Europe.

“Uma ngingababala ngingaqala ngoRonwen Williams,” kusho uMcCarthy engxoxweni neSuperSport.

“Omunye umdlali engimthandayo wuTeboho Mokoena naye odlalela iSundowns. Uwumdlali okwazi ukwenza izinto zezenzeke, usezingeni lokudlala e-Europe, hhayi kumaligi aphansi, eqenjini elidlala kwiChampions League.”

Ekupheleni kwesizini edlule sigxekiwe isinqumo sikaMokoena sokuhlala kwiSundowns njengoba bekunemibiko yokuthi ufunwa amaqembu aphesheya ngemuva kwengcenga yebhola ayidlala kwi-AFCON ngasekuqaleni konyaka.

Njengoba eseneminyaka ewu-27 mancane amathuba okuthi asayiniswe yiqembu elidlala kuma-ligi amakhulu ase-Europe.

UMcCarthy, onqobe i-UCL neFC Porto ngo-2004, uqhube waveza ukuthi bakhona nabanye abadlali angababala ababona besezingeni lokuya e-Europe kodwa akafuni inkulumo yakhe ibangene emakhanda.

“Okungenza ngibale uMokoena noRonwen wukuthi sekunesikhathi bedlala kuleli zinga. UTeboho nje ngiyakhumbula saqala ukumncoma esadlala kwiSuperSport sathi siphethe umdlali la.”