Owayengumdlali weKaizer Chiefs uSiyabonga Ngezana uyiqale kahle imidlalo yokuhlungela i-UEFA Champions League ezakhe zinqoba ngo 7-1.

IFCSB, engompetha beligi yaseRomania, ibhuquzise iSS Virtus yaseSan Marino. Kuyiwe ekhefini ezikaNgezana zihamba phambili ngo 5-0, kwakhishwa izethenjwa okubalwa kuzo naye uNgezane.

Ngo-13 July iFCSB izoqala imidlalo yesizini ka-2024/25 ngomdalo ne-U Cluj. Ngemuva kwalowo mdlalo izobheka neVirtus emlenzeni wesibili ngo-16 July.

IFCSB izodlala imidlalo emithathu (enemlenze emibili) kuma-round okuhlungela iChampions League, bese ingena kuma-playoff.

Ngenyanga edlule uNgezana uthe ngathi uyaphupha uma ecabanga ngokuthi unqobe isicoco seligi e-Europe nokuthi usezodlala kwiChampions League.

“Namanje angikakholwa uma ngikhuluma iqiniso, ngoba isigaba esikhulu empilweni yami lesi.

“Uhlangana nabadlali namaqembu obuwazi uma udlala iPlayStation. Wonke umdlali unephupho lokufinyelela kuleli zinga. Kufezeka iphupho.”