Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, kuthiwa ufuna ukulanda umgadli ayesebenza naye kwiYoung Africans eTanzania, uFiston Mayele, kodwa ngabe Amakhosi azokwazi ukumthenga? Sibheka inani lakhe.
IChiefs sekuneminyaka ithungatha umgadli ozoyisiza ibe sembangweni wezicoco njengoba ibhekene nenkinga yokuba buthuntu phambi kwepali.
Ngesizini edlule Amakhosi avalele amagoli awu-25 emdlalweni ewu-30. Ukuze ubone ukuthi kubheda kangakanani, iSundowns ivalele amagoli awu-52 kwisibalo esifanayo semidlalo, iPirates ivalele 44. Lokhu kusho ukuthi uma ubuka umdlalo weChiefs bukhoma ngesizini edlule ubuyobuka okungenani igoli elilodwa, bese ubuyela ekhaya.
Ukufika kukaRanga Chivaviro akuyisizanga kakhulu noma kuphele isizini ekhombisa ukuthi kukhona into eza nayo.
UMayele (30) ngakolunye uhlangothi uzivezile eTanzania, futhi usaqhubeka nokuziveza eGibhithe kwiPyramids. Kule sizini uMayele usevalele amagoli awu-15 emdlalweni ewu-34, washaya nama-assist amahlanu.
NgokweTransferMarket lo mdlali engabiza iChiefs imali esondele kuR12 million. IPyramids ayilona iqembu elivame ukudayisela amanye amaqembu abadlali bayo abasezingeni eliphezulu, kodwa uma ubuka iminyaka kaMayele, ingase izimisele ukumdedela uma sekukhona omunye umgadli ezomsayinisa ukuvala isikhala sakhe.
Ukubuya kweform kaFragie Lakay kuleli qembu nakho kungayisiza iChiefs.