UMengameli weMarumo Gallants u-Abram Sello uyafunga ukuthi angeke awaphinde amaphutha afaka iqembu lakhe ehlathini kumasizini amabili adlule. 

IGallants yadliwa yizembe kwiDStv Premiership kumasizini amabili adlule yize yayifinyelele kuma-semifinals eCAF Confederations Cup nesikwati esishoda ngesipiliyoni.

IGallants izokhuza ibuya esigabeni esiphezulu kuleli njengoba seyithenge isitifiketi seMoroka Swallows okubikwa ukuthi sibize u-R40 million.

USello uthembisa ukuqala ngokusayinisa abadlali abanesipiliyoni sokudlala kwiPSL.

“Kunezifundo engizitholile ngamaphutha esiwenzile ngaphambilini. Noma kunjalo, iqembu ladlala kahle eminyakeni edlule. 

“Safinyelela kuma-semifinals eCAF Confederation Cup. Sahlulwa kowamanqamu kwiNedbank Cup. Sathola isipiliyoni esiningi noma sahluleka ekugcineni, safunda kakhulu ngoba sasipatanisa sishodelwa yizinsiza sokusebenza. 

“Kufanele silungise phakathi enkundleni, sibheke amaphutha esawenza eminyakeni edlule. Nakanjani sizoqinisa iqembu ngabadlali abasezingeni,” kubeka uSello ekhuluma nabezindaba.

USello uveze ukuthi bazogcina abadlali abangu-13 abekade besemabhukwini eSwallows. Udalule nokuthi usazobabhekisisa laba abaphelelwe yizinkontileka neziNyoni.

USello uchaze kabanzi ngesinqumo sokuzinza eBloemfontein.

“Siyajabula ngokusingatha imidlalo endaweni enabantu abalithakaselayo ibhola. Abantu sebekhale isikhathi eside befuna iqembu elidlala esigabeni esiphezulu. Yingakho sizosingatha imidlalo eBloemfontein,” kubeka uSello.

USello uthi akakuboni okubi ngokuthenga isitifiketi ngoba amanye amaqembu akwenzile ngaphambilini.

“Amanye amaqembu azithengile izitifiketi ngaphambilini. IMarumo Gallants ibingeke iyeke ithuba ekubeni imithetho yePSL ikuvumela ukudayiswa kwesitifiketi. Akukho okubi ngokuthenga elinye iqembu. Sizozinza eFree State, amahhovisi eqembu azobekwa kusona lesifundazwe,” kubeka uSello.