Zisaqhubeka nokumhambela kahle izinto kwiFSCB owayengumdlali weKaizer Chiefs, uSiyabonga Ngezana. Izolo lo mdlali unqobe iRomanian Super Cup ezakhe zivithiza iHunedoara ngo 3-0 kowamanqamu.
UNgezana uqale ebhentshini kodwa ugcine engenile esiwombeni sesibili ngomzuzu ka-74 esezoqinisa izinto emuva.
Ukubekwa kwakhe ebhentshini nokho kubeka ngokusobala ukuthi kunethuba lokuthi lo mdlali ajoyine elinye lamaqembu okuthiwa azimisele ngokumsayinisa njengoba ebe nesizini enhle.
Indlela adlale ngayo igcine isiphoqa umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukuthi agcine asemupha iso, wabizwa esikwatini.
Uma ehlala kwiFCSB uNgezane usethubeni lokuldlala kwi-UEFA Champions League ngesizini ezayo, kodwa ngoba iligi yaseRomania ithathwa njengencane, kumele baqale kuma-playoff.
“Ngicabanga ukuthi kumele sidlale imidlalo ecela ku-6 uma ngingaphosisi, ngoba angikaze ngidlale kuma-playoff phambilini,” kusho uNgezana ngenyanga edlule.
“Sizobona izinto zizohamba kanjani. Anginaso isiqiniseko ngekusasa lami ngoba kungenzeka noma yini…kodwa uma ngisabadlalela, kungaba mnandi ukudlala kwiChampions League.”