Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer usengene ohliwini lwabaqeqeshi okuthiwa babukwa yiMamelodi Sundowns njengoba ithungatha umqeqeshi omusha.

ISundowns kuleli sonto ishaqe abaningi ithatha isinqumo sokuhlukana noRulani Mokwena, kodwa sekucacile sekunesikhathi yasithatha lesi sinqumo. Kusukelwa ngoLwesibili kulokhe kuvele amagama abaqeqeshi abakhonjwa eChloorkop.

Izolo ntambama kuqale ukusabalala izindaba zokuthi sekuhlukane inhloko nesixhanti kuZinnbauer neRaja Casablanca ayinqobele isicoco seligi engashayiwe eMorocco.

Lo mqeqeshi bekulindeleke ukuthi ahole iRaja kwiCAF Champions League ngesizini ezayo kodwa kubukeka esenezinye izesheli.

Ngokombiko we-Unplayable ZA, uZinnbauer, one-release clause kaR4 million, akafunwa yiSundowns kuphela.

“Akafunwa yiSundowns yodwa, kunamanye amaqembu amabili aseSaudi Arabia azimisele ngaye okuyi-Al Orubah ne Al Wehda,” kusho umthombo osondelene nodaba.