I-agent ka-Olisa Ndah osekucacile ukuthi ushiye i-Orlando Pirates engenazo izesheli eziningi ithi bamatasa bathungatha iqembu angadlala kulo njengamanje.
UNdah uhlukane neBucs kule nyanga ngezizathu zokuthi ufuna ukunikezwa ithuba lokudlala. Lo mdlali odabuka eNigeria uke wahlala isikhathi eside elimele, kodwa kuthe eseluleme ngokugcwele walizwa ngendaba ijezi kweZimnyama.
“Njengoba sikhuluma nje, asazi uzoyaphi,” kusho uMakaab ekhuluma kwiGagasi FM.
“Alikho iqembu esikhuluma nalo njengamanje. Sisazohlala phansi sidingide ukuthi sizokwenzenjani. Ngesonto elizayo sizobheka amaqembu.
“Kuzoya ngesivumelana ngakho…uneminyaka ewu-28 manje, ngakho ke kubalulekile ukuthi akhethe kahle.
“Sinethemba lokuthi uzobuyela kuloya Olisa Ndah esimaziyo, ongomunye wezitobha eziphambili e-Afrika, obethanda i-Orlando Pirates.