Umdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs uThabo Cele uthi njengoba elimele njengamanje usebenzisa lesi sikhathi ukubheka ukuthi yikuphi la angenza kangcono khona ukuze asize iqembu uma ebuya.
IChiefs isidlale imidlalo emine kule sizini; emibili kwiBetway Premiership nemibili kwiCAF Confederation Cup. UCele ubengabonwa nangokhalo kule midlalo kanti nonyaka odlule kuyiwe ekhefini le-AFCON selibuye limeqe ijezi.
Echaza engxoxweni neGagasi FM uCele ukulimala okudale ukuthi abalandeli beKhosi bengamboni ensimini.
“Ukulimala kuyingxenye yebhola,” kuchaza yena.
“Kuzohlale kuba khona izinto ezizokuohazamisa, kuya ngawe ke ukuthi umelana kanjani nazo. Mina ngakhetha ukuthi angisebenzise lesi sikhathi ngizahlulele, ngoba ngihlale ngifuna ukwenza kangcono.
“Ngisebenzisa lesi sikhathi ukuzibuka ukuze uma sengibuya ngikwazi ukusiza iqembu, njengoba eshilo uSibongiseni Mthethwa, sifuna ukuwina izindebe.”