Ukapteni wamaSpringboks, uSiya Kolisi, ushayele ozakwabo ihlombe ngokungapheli umoya emdlalweni abashaye kuwo iFrance ngo 29-28 ngeSonto ebusuku.

AmaSpringboks abeke ama-try amane kulo mdlalo, uMbongeni Mbonambi wathola indondo yomdlali ovelele ngemuva komdlalo.

UKolisi, ongabanga nomdlalo omuhle kuma-breakdown, uncome ozakwabo ngokuyibamba ishisa umdlalo wonke.

“Sisebenze njengeqembu, besikhulumile ngokuthi akumele sililahle ithemba kulo mdlalo. Besazi kuzoba wumdlalo onzima, sikwazi ukwenza okusimangazile namhlanje.

“IFrance isidalele izimo ezinzima kodwa silikhombisile izinga lethu. Besinecebo ebesifuna ukulilandela, ikakhulukazi kuma-breakdown.”

INingizimu Afrika idlale ngabadlali abawu-14 imizuzu ewu-10 esiwombeni sesibili kulandela ukukhishwa kuka-Eben Ezebeth ngekhadi eliphuzi.

UKolisi uthe ukuphuma kwakhe kubenze basizana kakhulu enkundleni.

“Ngiyaziqhenya ngabafwethu nangendlela abaqinisekise ngayo ukuthi amaphutha asiwenzi. Abantu baseFrance kumele baziqhenye ngabadlali babo, badlale kahle.”

AmaSpringboks azobhekana ne-England kuma-semifinal eWorld Cup ngoMqgibelo. Komunye umdlalo kuzotholana phezulu iNew Zealand ne-Argentina ngoLwesihlanu.





The Springboks are the reigning Rugby World Cup champions. They have won the title three times – in 1995, 2007 and 2019.