Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi uyakwamukela ukwethulwa kweCarling Knockout Cup ezodlalwa amaqembu angu-16 akuDSTV Premiership. 

Lomqhudelwano waqala ukudlalwa ngo-1982 ubizwa ngeDatsun Challenge. Eminyakeni elandelile, lomqhudelwano ushintshe abaxhasi. 

Imali ezoklomeliswa oshampeni ayikaze idalulwe kodwa umdlali ovelele uzokhala amuke no-R100, 000 eyedwa. 

UHunt ubekhuluma emcimbini wokwethula iCarling Knockout eHyde Park, eJohannesburg ngoLwesibili.

“Lemiqhudelwano iyawasiza amaqembu. Uthola imidlalo eminingi. Ngikhumbula ngezinsuku zakudala ngisadlala ibizwa ngeDatsun Cup. Ngikhumbula kudlalwa e-Ellis Park. 

Lomqhudelwano ubuya kude, ngyajabula ngoba ubuyile. Ngiyajabula uBlack Label usitakulile, ngibonga nokuthi bafaka inqwaba yemali. Ngifisa ukuba umdlali ngizitholele u-R100,000,” kusho uHunt. 

ISuperSport iqhathwe nePolokwane City ku-last 16. IRise and Shine iyiqale kahle isizini njengoba ihleli endaweni yesihlanu kwiligi. 

“Badlala kahle ngoba basayine abadlali abahlakaniphile. Ngasayina uDouglas (Mapfumo) kwiWits eminyakeni emine edlule, usekhulile manje. Bahlanganise isipiliyoni nabadlali abancane, kunzima ukudlala nabo. 

Bayiqembu elisebenza ngokuzikhandla. Ukufika komqeqeshi omusha kubasizile kakhulu,” kubeka lomqeqeshi.