Umqeqeshi waMaZulu uPablo Franco Martin uthi ufuna iqembu lakhe liziphindiselele kwiKaizer Chiefs abaqhathwe nayo kwiCarling Knockout. 

USuthu lahlulwa yiChiefs yi 3-0 emdlalweni weDSTV Premiership kule sizini. Lamaqembu azotholana eFNB Stadium ngesonto elizayo. 

UFranco uthi usekubeke kubadlali ukuziphindiselela eqenjini elabashaya kulenkundla abazogijimisana kuyo. 

Udalule ukuthi imidlalo emikhulu imfakela umfutho wokunqoba. 

“Ngilindele umdlalo onzima ngoba siqhathwe neqembu eliqinile. Sithole iqembu ebesilindele ukudlala nalo. Basishaya emidlalweni weligi, sinethuba lokuziphindiselela. Ngicasulwa ukuthi sidlala ekuhambeni ngoba sizobhekana neChippa United ngomhlaka 28, kukhona nePirates ngezi-24. Angeke sithole isikhathi sokucijela umdlalo. 

Ngithanda ukuthola isikhathi sokulungiselela imidlalo emikhulu. Ngifisa sihloniphe yonke imiqhudelwano kanye nabalandeli,” kuchaza lomqeqeshi ekhuluma eHyde Park ngoLwesibili. 

Usuthu lukhombisa ukuvuka emaqandeni selokhu lathelwa ngenduku eFNB Stadium. AmaZulu asenqobe imidlalo emibili, yadlala ngokulingana kowodwa, yahlulwa komunye.

Lomqeqeshi uncoma ukukhuphuka kwezinga nokuzimisela eqenjini lakhe, waveza ukuthi sekusele acije abagadli ngoba abaliboniswa ipali. 

“Lomqhudelwano uyafika. Ngibona singakwazi ukuhlula noma yiliphi iqembu kwiligi. Sizozama ukushubisa kwiligi, siphinde silungise amaphutha esawenza sibhekene neChiefs. 

Izinto seziyahlangana. Ngisho nabalandeli sebeyabona ukuthi iqembu lidlala ibhola elihle. Kufanele silwele ukuthola amaphuzu amaningi. 

Abadlali abadingi ukugqugquzelwa. Bayakwazi okudingeka bakwenze enkundleni. Ngiyijwayele imidlalo emikhulu, ngizowuhlelela kahle lomdlalo.