Owayengunompempe kwiPSL, u-Ace Ncobo, uthi iKaizer Chiefs incishwe ipenalty ecace bha kwi-semifinal yeNedbank Cup ne-Orlando Pirates kwi-extra time ngoMgqibelo.

UNcobo ubekhuluma ngesinqumo sikanompempe sokungayikhombi emlotheni ngesikhathi ibhola lishaya ingalo kaKabelo Dlamini ebhokisini iChiefs ishaya i-free kick.

“Uma ubuka ukuthi ingalo kaDlamini ukuthi ikuphi uyazibonela ukuthi uzilulile, ungaphakathi kwebhokisi, bekufanele kube yi-penalty le.

“Ngokomthetho akusasho lutho ukuthi ibhola ulithinte ngengalo (noma ngesandla) ngamabomu noma ngephutha. Uma ulula izandla ebhokisini bese ushaywa yibhola, ipenalty.”

IChiefs kuzophela le sizini ishwiba izandla futhi kodwa isangakwazi ukuqeda kunombolo 3 okungayifaka kwiCAF Confederations Cup yangonyaka ozayo. Ukuze kwenzeke lokho idinga ukuzishayela iSuperSport United ngoMgqibelo bese inqoba nomdlalo wokugcina, imincele ukuthi iSuperSport idliwe emdlalweni wayo wokugcina neSekhukhune.

Amathuba okuthi kwenzeke lokho mancane.