Kuzophinde kuphele le sizini iKaizer Chiefs ishwiba izandla, abadlali bayo bebuka ezinye izingane ziqukula izinkomishi. Abaphathi beChiefs kufanele baphinde bazinuke amakhwapha ngokuhluleka kweqembu.

Kule sizini iChiefs igeje isicoco seligi, MTN8 neNedbank Cup. Ngesikhathi kucaca ukuthi sesihambile isicoco seligi, umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane waveza ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqeda kunombolo 2 ukuze Amakhosi ezobuyela kwiCAF Champions League ngesizini ezayo kodwa ngeledlule amathuba okuzuza lokho ashabalele iChiefs ishaywa yiSwallows FC ngo 2-1.

Nokho abalaziyo ibhola bayazi ukuthi iChiefs yazigwaza ngowayo kusaqala isizini ingamsayinisi umgadli osezingeni eliphezulu, ongakwazi okungenani ukuvalela amagoli awu-15 kuya ku-20 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini. Ayinaye lowo mgadli.

Isayinise uCaleb Bimenyimana onamagoli awu-8 kuphela kuyo yonke imqhudelwano, amane kuwo ama-penalty.

U-Ashley Du Preez udlala kangcono kodwa naye unamagoli awu-8 kuphela kuyo yonke imqhudelwano kule sizini. Okuhle ngoDu Preez ukuthi ukhombisa ukuzinikela enkudleni futhi uyakwazi nokwakhela abanye amagoli njengoba enama-assist awu-4 kwiDStv Premiership kule sizini.

Ukhombise ukuzethemba ngasemaphethelweni ale sizini. UDu Preez udinga abanye abadlali ababili azosizana nabo phambili.

UCristian Saile usekuvezile ukuthi usazodinga isikhathi naye ukuthi ajwayele ukudlala ezingeni leDStv Premiership. Iyageja le nsizwa yaseDRC. Uma ingashayi umoya, ingqofa ibhola ngekhandi engathi iyadefenda.

Uma izimisele ngokuqeda indlala yezinkomishi iChiefs kumele ithenge abagadli ababili abangalibheki ipali, hhayi oyedwa.