Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthi ezakhe neReal Madrid basezingeni elilodwa kulandela umdlalo wabo we-semifinal kwi-UEFA Champions League ophele ngo 1-1 izolo.

IMadrid ikore kuqala kulo mdlalo uVinicius Junior evalela igoli elihle esiwombeni sokuqala, iCity yabuya ngelivalelwe wuKevin De Bruyne naye obengaphandle kwebhokisi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uPep uvume ubunzima bokubhekana neMadrid.

“Ngesikhathi sidlala kangcono kunabo bakorile, ngesikhathi sebedlala kangcono kunathi sithole igoli. Bekuwumdlalo oshubile.

“Kunzima. IMadrid idlala ibhola elihle, inamava futhi inabadlali abasezingeni eliphezulu, kodwa nathi siyafana nayo,” kusho uPep.

Lo mqeqeshi uqhube waveza ukuthi iMadrid ibibadalela izinkinga uma iphethe ibhola. Uthe bafunde okuningi emlenzeni wokuqala okuzoba siza balungiselele owesibili ozodlalelwa e-Etihad Stadium.