Sphamandla Gumede 

Umqeqeshi weGolden Arrows uMandla Ncikazi uthi ikhefu leFIFA kungenzeka liphazamielse ifomu yeqembu lakhe eliyibambe endaweni yesibili kwiDSTV Premiership. Abafana Bes’thende basezithendeni zeMamelodi Sundowns ebashiya ngamaphuzu amane kwiligi. Emidlalweni engu-20, i-Arrows inamaphuzu angu-36. Umehluko ukuthi iSundowns inemidlalo emibili esandleni. 

“Ikhefu lamaqembu esizwe lichaza izinto ezimbili. Kuyenzeka libe lihle ngokunikeza amaqembu ithuba lokusebenza emaphutheni, linikeze abadlali ikhefu ngemuva kwemidlalo eminingi, abanye balulame. Kuyenzeka liphazamise umgqigqo weqembu ikakhulukazi uma usefomini yokuwina. Angazi ngizothini kodwa ngiyalamukela ikhefu.

Bekudingeka siphumuze abanye abadlali njengoba kuzolandela imidlalo eminingi elandelanayo. Awufuni ukulahlekelwa umgqigqo kanye nefomu yethu. Kunzima impela. Angazi ukuthi siyalamukela yini,” kuchaza uNcikazi ekhuluma nezintatheli. 

UNcikazi uthe okuhle ngekhefu ukuthi bazolisebenzisela ukuqinisa phambi kwamapali.

“Sizozama ukumelana nekhefu, kukhona izinto okumele sizilungise. Asiwashayi amagoli njengoba sikhanda amathuba amaningi, kumele ngabe sishaya amagoli amaningi. Kodwa ngiyajabula ngoba yithina esinamagoli amaningi kwiligi kanye neCape Town City, sesishaye amagoli angu-30,” kubeka uNcikazi. 

Uma kuphela ikhefu, i-Arrows izobhekana neSwallows ngomhlaka 03 Ephreli eDobsonville Stadium.