Intatheli Yezemidlalo
Isitobha seMamelodi Sundowns uRushine De Reuck sithi sifuna ukuzakhela indawo yaso eqenjini njengoba bebaningi esibanga nabo ijezi emuva.
Kusukela esayine kwiDowns ngoJanuary esuka kwiMaritzburg United, uDe Reuck usedlale imidlalo emihlanu emqhudelwaneni emithathu.
“Ngijabule ngezinga esengilikhombisile. Ngibona abaqeqeshi kanye nozakwethu abangamukele eqenjini. A kulula ukufika eqenjini elikhulu njengeDowns, uthole nejezi, ikakhulukazi ngoba kunabadlali abasezingeni eliphezulu. Ngiyajabula ukujba yingxenye yeqembu, ngifuna ukusiza iqembu linqobe izindondo. Ngizonikela ngakho konke enkundleni,” kubeka uDe Reuck ecashunwa abeTimesLive.
Lomdlali uthi ukudlala kwiCAF Champions League kuyisizathu esamgqugquzela ukuba ajoyine iSundowns. UDe Reuck udlalile bebhaxabula iCR Belouizdad ngo 5-1, waphinde wadlala emidlalweni emibili beshaya iTP Mazembe.
“ITP Mazembe iyiqembu elikhulu, badlala kahle kwiChampions League. Ukuwina umdlalo weTP Mazembe, singangenelwa yigoli kuyinto enhle kimi. Ibhola lase-Afrika lihlukile kakhulu, ushaywa ngenxa yephutha elincane.
Kwaba kuhle ukubhekana nabadlali abasatshwayo e-Afrika.
Kuchaza ukuthi ngihamba ngendlela okuyiyona, uma ngithola usizo Kozak wethu, ngizoya phambili. Kumele ngisebenze kanzima ejimini, ngisize iqembu,” kubeka lomdlali.
Emdlalweni wakhe wokuqala kwiDSTV Premiership, uDe Reuck uhlabene ngomklomelo womdlalo ovelele.
“Ukunqoba leyandondo sibhekene neStellenbosch kwaba kuhle. Umdlalo wawunzima, sakhombisa ukuthi siyakwazi ukulwa, saqina ukuze siwine. Kuhle ukunconywa uma udlale kahle, lokho kuyakukhulisa njengomdlali. Okubalulekile ukuthi sanqoba, sabuya namaphuzu amathathu,” kuchaza uDe Reuck