Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi usephakamise ukuthi kufanele baphumele obala abaqoka umdlali obashaye amakhanda kwiPSL ngokuthi babukani.
UNcikazi uveze lokhu kulandela ukusuka kokukhuluma kubalandeli bebhola ngokuqokwa kukaTebogo Mokoena njengePSL Footballer of the Season phezu kukaMonnapule Saleng.
Abaningi bakhomba ama-cup amabili anqotshwe wuSaleng kanye namagoli nama-assist akhe kwiligi abathi ambeka ngenhla kukaMokoena nakuba bengadlali endaweni eyodwa enkundleni.
“Ngiyabahlonipha abaqeqeshi bePSL noMokoena, uwumdlali osezingeni eluphezulu futhi wonke umuntu ukubonile lokho. Angifuni kuzwakale sengathi iPirates inenkinga nempumelelo yabadlali beSundowns, akunjalo,” kusho uNcikazi ekhuluma kuKhozi FM.
“Abantu abadale ukuxakeka amajaji. Ngokubona kwami ngokuzayo kumele bacacise ukuthi bakhethwa kanjani abadlali.
“Ngizokwenza isibonelo, uma uSaleng enamagoli awu-11 nama-assist awu-8 kodwa uqhathwe nomdlali onegoli elilodwa ne-assist eyodwa kwiPremiership, kumele bacacise ukuthi bakhetha kanjani phakathi kwabo, yini abayibhekayo ukuze sazi ukuthi yini ebeke uMokoena ngenhla kukaSaleng.”
UNcikazi uqhube waveza ukuthi ubezitshela ukuthi umklomelo weDefender of the Season ubuzotholwa wuNkosinathi ‘Bhodlela’ Sibisi.