Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uthi abaqhathaniseki abadlali abaqhathwe kowomklomelo wePSL Footballer of the Season ngoba abadlali izindawo ezifanayo.

URhulani ubeke lo mbono kulandela ukusuka kwezinkulumo ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bebhola bekhala ngokunikezwa kukaTebogo Mokoena le ndondo.

UTebza ubeqhathwe noRonwen Williams noMonnapule Saleng kweseFootballer of the Season. Kunabalandeli abathi bekufanele inikezwe uMoh Saleng ngenxa yamagalelo akhe kwiligi, Nedbank Cup nakwiMTN 8 kule sizini. UMokoena unqobe isicoco seligi kuphela.

URhulani nokho weseka umdlali wakhe.

“Ngeke uqhathanise uTebza noRonwen…uma ngenza isibonelo nje. Benza izinto ezingafani, kumele sikuqonde lokho,” usho kanje.

Kucacela ngisho ingane incane ukuthi lo mbono uRhulani ubewubhekise kwabaqhathanisa uTebza noSaleng, abaningi ababuka amagoli nama-assist akhe uma kukhulunywa ngale ndondo.

“Into eyenziwa wumdlali enkundleni ayipheli kumagoli nama-assists…ngoba kuningi okumele bakwenze enkundleni, abadlali abahlaziywa ngendlela efanayo.”

UMokwena nokho ushayele abadlali bakhe ihlombe ngokuba nesizni enhle, wathi abakunqobile kuveza ukuthi badlale kahle njengeqembu kule sizini.

“Lento ifakazela engakusho ngendondo yeCoach of the Year. Ngeke uyinqobe leyo ndondo uma ungenaye ugoalkeeper of the year, ngeke futhi uyinqobe unganabo abadlali basemuva abasezingeni eliphezulu nanabadali baseswini. Siphethe iqembu elisezingeni eluphezulu, elisebenza ngokuzikhandla, nabadlali abazinikelayo.