Useqalile ukwenza izinguquko kwiChelsea FC uMauricio Pochettino kulandela ukuqinisekiswa njengomqeqeshi omusha waleli qembu elishaye udaka kule sizini.

Umdlali wokuqala ozwe imbazo kaPoch wuJoao Felix okuvela ukuthi lo mqeqeshi uthe uyambonga.

UFelix ubebolekwe kwi-Atletico Madrid kodwa imali ayebolekwe ngayo kwavunyelwana ngokuthi izoba yingxenye yemali yokumthenga uma iChelsea izimisele ngaye uma kuphela isizini.

Izolo umengameli we-Atletico, u-Enrique Cerezo ukuqinisekisile ukuthi uyabuya lo mdlali ngoba akafunwa eLondon.

“Iqiniso ukuthi asazi ukuthi sizomisa kanjani ngoJoao. Sithole izolo (ngoMsombuluko) ukuthi umqeqeshi omusha weChelsea akamdingi. Asikahleli lutho okwamanje, uJoao uwumdlali weAtletico njengamanje.”

I-Atletico ibhekene nenkinga ngalo mdlali njengoba engaboni ngasolinye nomqeqeshi weqembu uDiego Simeone. Ngakulunye uhlangothi i-Atleti ibinethmba lokuthi izomdayisa lo mdlali ukuze ithole imali engayisebenzisa ukuthenga abadlali abasha.

IChelsea isayinise uFelix ngoJanuary kulandela ukusabalala kwezindaba zokuthi ufunwa yiMan United ne-Arsenal. Empeleni okwajikisa lawa maqembu imali enkulu eyafunwa yi-Atletico, iChelsea ebikhokha kwasani ngaleso sikhathi yamthatha.