Umqeqeshi weKaizer Chiefs usenxuse abalandeli baleli qembu ukuthi bangalwi nabadlali ngokubheda kwemiphumela muva nje, kunalokho engakuncamela ukuthi kuhlaselwe yena.

UNabi ubeke kanje ngemuva kokuthola esinye isibhaxu kwiGolden Arrows ethathe amaphuzu ayisithupha kuye kule sizini.

“Ngiyaxolisa kakhulu ngalo mphumela. Imina owokuqala ozwa ingcindezi ngale mphumela. Kodwa ngicela ningathuki,” kusho uNabi ekhuluma nabezindaba

“Ningatatazeli. Siyaqhubeka nokuzinikela ngo 200% emsebenzini wethu. Ngicela ningabahlaseli abadlali. Ningangihlasela mina, ngikujwayele, kodwa ningabahlaseli abadlali.

“Asibavilkeleni abadlali neqembu ngoba isizini ayikapheli, futhi nginesiqiniseko sokuthi sizosijika lesi simo.”

Kubadlali abavikelile lo mqeqeshi singabala uYusuf Maart abalandeli abesebefuna aphume ngemuva kokugeja ipenaly, noDillon Solomons ogeje ithuba elihle.