Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi useveze ukuthi uzokhuluma nomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngokuthi abhekisise omunye wabadlali bakhe ambona efanelwe ukuba seqenjini lesizwe.
Bekungekho noyedwa umdlali we-Arrows esikwatini sakamuva sikaBroos, futhi empeleni sekunesikhathi leli qembu lagcina ukuba nomdlalo oseqenjini lesizwe.
Umdlali wokugcina wokubizwa esikwatini kwi-Arrows wuBradley Cross owayebizwe ngo-10 November 2023 ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela iFIFA World Cup.
UMngqithi nokho uthi umdlali oyibamba esiswini uVelemseni Ndwandwe kufanele ngabe useyingxenye yeqembu likaHugo Broos.
“Uwumdlali engingamthathi kancane. Engadlalela noma yiliphi iqembu kuleli. Akuyona into engiyibona ngoba sengikwiGolden Arrows,” kusho uMngqithi.
“Nani ningambuza, uyazi kade ngangifisa ukumsayinisa [esakwiSundowns]. Ngeshwa ke kwezinye izikhathi izinto azihambi ngokufisa kwakho.
“Ngikholwa wukuthi uwumdlali osezingeni leBafana Bafana. Ngizokhuluma nabeBafana ukuthi bamuphe iso nje, ngoba usezingeni lakhe yedwa. Mude, uyakwazi ukuvala emuva, unamandla futhi uhlakaniphile kakhulu.
“Emdlalweni wethu nSundowns ngamsebenzisa ukuthi amake uLucas Ribeiro, wamuvala thaqa. Emdlalweni wethu nePolokwane City wayemake u-Oswin Appollis nakuye washaya umsebenzi oncomekayo.”
I-Arrows inomlando omuhle wokukhiqizela iBafana abadlali abayizinkunzi esiswini. Phambilini sibone abadlali esingabala kubo uPapi Zothwane, Kagiso Dikgacoi, noThanduyise Khuboni.
Omunye umdlali onikezwe ithuba kwiBafana eminyakeni edlule ngaphambi kokuthi alimale wuThabani Zuke oyibamba emuva nasesiswini.