Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi kubaqhathe nesibhaxu ukulimala kukaThabo Cele emdlalweni wabo neLamontville Golden Arrows obuseMoses Mabhida izolo.
IChiefs ithole isibhaxu sika 2-1 kwi-Arrows, okuyishiye idindilize kunombolo 8 etafuleni leBetway Premiership. Abafana Bes’thende bakhuphukele kunombolo 10, basele ngamaphuzu amabili kwiChiefs kodwa banemidlalo emithathu esandleni.
Njengamanje abukeka emaningi amathuba okuthi Amakhosi engaqedi kwitop 8 uma uNabi ehluleka ukujika izinto. Emdlalweni emihlanu edlule iChiefs inqobe kanye, yadliwa kabili, yadlala ngokulingana kabili.
Kumdlalo wayizolo nokho, uNabi uthi izinhlelo zabo ziphazamiswe wukulimala kukaCele.
“Besiwuphethe umdlalo esiwombeni sokuqala futhi besingakora kuqala, obekuzosibeka endaweni enhle, kodwa sihlulekile ukusebenzisa amathuba esiwatholile,” kusho yena.
“Ukulimala kukaCele esiwombeni sokuqala kusiphazamisile esiwombeni sesibili, ngikhuluma ngendlela abasemuva abaxhumana ngayo nabahlaselayo, asiqalanga kahle esiwombeni sesibili.
“Kodwa izinguquko esizenzile zisubuyise emdlalweni. Sidedele igoli kungonakele lutho, kuvele kube nzima ukubuya uma ungenise igoli ngale ndlela.”
IChiefs izothola isonto lonke ukulungiselela umdlalo olandelayo. Izobhekana neTS Galaxy ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium.