Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ushiye amazwi anokugudla i-Orlando Pirates ngesinqumo sayo sokuyolungiselela isizini entsha eSpain.
IChiefs isanda kubuya kuleli ngemuva kokuphothula imidlalo yokulungiselela isizini entsha eNetherlands lapho abadlale khona imidlalo emihlau. Kule midlalo Amakhosi athole isibhaxu emidlalweni emine, anqoba kanye.
Ekhuluma nemedia team yeChiefs uNabi uncome indlela uhambo lwabo oluhambe ngayo eNetherlands ethi bebedlala ezinkundleni ezisezingeni elifanele, wancoma ihhotela abebelele kulo kanye nesizmo sezulu.
“Isimo sezulu besisihle kakhulu, okusisizile. Kungcono kunokudlala eSpain la okuwu-40 degrees khona,” kusho uNabi ecifa iso, ngokombiko okwi-website yeChiefs.
“Ngizizwa nginethemba ngesizini ezoqala.”
Khonamanjalo, lo mqeqeshi uphinde wathi abadlali abasha neqembu basazodinga esinye isikhathi ukujwayela ukudlala nozakwabo abasha. Kubadlali abasha ababuya eNetherlands singabala uNkanyiso Shinga, Ethan Chislett, Thabiso Monyane noFlavio Silva.
“Bonke beza kahle kodwa basadinga ukujwayela kahle. Bazojwayela ukuthi kulindelekeni kubona…inhloso yethu bekuwukusayinisa abadlali abazokhuphula izinga leqembu uma siqhathanisa nesizini edlule.”
Ekhuluma ngabadlali abakhushulwe kwi-reserve team uNabi uthe akafuni ukubaxina kodwa ufuna ukuqhubeka abanikeze amathuba uma evela.