Umdlali we-Orlando Pirates obolekwe i-Orbit College useveze okumenze waqoka ukudlalela leli qembu alibiza ngekhaya ngesizini ezayo, waveza nokuthi bekungesona isinqumo esilula.
IPirates ngesonto eledlule iqinisekise izindaba zokuthi uSaleng uzodlalela iCollege kuze kuphele isizini, ngemuva kwezinyanga kunemibuzo ngabakubangayo ngesikhathi engadlali.
“Bekungesona isinqumo esilula ukubuyela ekhaya, ikakhulukazi ngemuva kokuhlala isizini ngingadlali,” kusho uSaleng ngokombiko weSABC Sport.
“Ngalesi sikhathi, bengiphusha ngilinde ithuba, kodwa ngeshwa aliqhamukanga. Kuze kwaqhamuka i-Orbit College.
“Abadlali abaningi be-Orbit College bebengikhuthaza ngesikhathi ngingadlali kwiPirates.”
Lo mdlali ubonge umdali ngethuba lokuphinde adlale futhi kodwa wangakuveza ukuthi yini kahle hle ayibanga neBucs okuze kwamphoqa ukuthi ‘alinde elinye ithuba’.