Abadlali abathathu, okubalwa kubo noThabo Nodada, bavumbuke kwiDurban City ngemuva kokuhlukana neCape Town City edliwe yizembe ngesizini edlule.
Laba badlali bazama inhlanhla eqenjini elikhuza ibuya kwiBetway Premiership, elahamba lisabizwa ngeMaritzburg United. Kubo bekukhona uNodada, unozinti uDarren Keet kanye noHashim Domingo.
Ngaphandle kwabo, omunye umdlali obonakale eziqeqesha neDurban City wuThulani Hlatshwayo, obewukapteni weSuperSport United esidayiselwe iSiwelele FC.
Ngemuva kokudliwa yizembe, iCityzens ihlukane nenqwaba yabadlali, kwaphinde kwavela nokuthi ifisa ukuxoxisana neMamelodi Sundowns ngokuyidayisela ‘izintwana’ zayo ezine ngemali ebalelwa kuR60 million.
Laba badlali bamatasa bazama inhlanhla kumaqembu ePremiership manje ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26.
Khonamanjalo, kubikwa ukuthi iDurban City isihlukane nenqwaba yabadlali abayisize ifinyelele kwiBetway Premiership. Abanye babo kuthiwa baziswe kuWhatsApp ukuthi izinkontileka zabo ngeke zisavuselelwa.