Sphamandla Gumede
Sikhulume amagama ahlabayo isihlabani seBarcelona uLionel Messi ngenkathi iqembu laso lihlulwa yi-Osasuna emdlalweni obungoLwesine ebusuku, okuwumphumela oshabalalise wonke amathemba okunqoba iligi.
IBarca ihlulwe ngo 2-1 kulomdlalo obuseCamp Nou. Yize uMessi eshaye igoli lokulinganisa, uRoberto Torres uphule izinhliziyo zeBarcelona evalela enethini igoli ngesikhathi esengezwe unompempe esiwombeni sesibili.
UMessi uzwakalise ukungenami ngezinto eziningi ezikhona eqenjini ngemuva komdlalo. Lenkakha ikhale kakhulu ngezinga leqembu selokhu kwaqala lonyaka, nokuyinto ayichaze njengesikhathi esingesihle kubadlali.
“Besingafuni ukuqeda isizini ngalendlela kodwa lomphumela ukhombisa indlela esidlale ngayo kulesizini. Besinamaphutha, besithambe kakhulu, umgqigqo besingenawo. Silahle amaphuzu amaningi futhi umphumela wanamuhla uchaza kabanzi ngesizini esibe nayo. Kumele sizigxeke thina singabadlali, sidlalela iBarcelona, kumele siwine yonke imidlalo. Asikwazi ukubheka imphumela yeReal Madrid. IMadrid iwenzile umsebenzi wokunqoba umdlalo wayo, kufana nokuthi siyisize kakhulu, ” kuchaza uMessi ecashunwa abeLa Liga Santander ngemuva komdlalo.
UMessi, ohamba phambili ngamagoli angu-23 kwiLa Liga, akacacisi ngekusasa lakhe njengoba inkontileka yakhe iphela ngo-2021. Kuke kwavela imibiko ethi usikaza ukuhamba eqenjini ngenxa yokungatholani nomqeqeshi ongaphansi kwengcindezi uQuique Setien.
“Kuzomele kwenziwe izinguquko eziningi uma sifuna ukuwina iChampions League. Uma siqhubeka ngalendlela, ngeke siwuwine umdlalo weNapoli. Kumele sishintshe kakhulu ngoba sinomdlalo neNapoli. Kuzomele sihlabe ikhefu okwamanje, okuyikhona okuzosiza sipholise ikhanda. UJanuwari ube yisikhathi esinzima kakhulu kubadlali. KwiChampions League kunemidlalo emine esingakwazi ukuyiwina, siguqule nesizini yethu, kubeka uMessi.
Umqeqeshi weBarca uSetien naye uvele wangena ezintangeni ebuzwa ngekusasa lakhe, kodwa wathembisa ukushintsha izinto ngaphambi kokuqala iChampions League.
“Ngithemba ukuthi ngizobe ngiwumqeqeshi weBarcelona ngenyanga ezayo kodwa anginaso isiqinisekiso. Ngiyavumelana noMessi kwezinye izinto, ikakhulukazi ngokuthi sizigxeke thina. Yimina okumele agxekwe ngemiphumela yeqembu, ngizizwa nginomfutho,” kusho uSetien.
IBarcelona isiwine imidlalo eyisithupha emdlalweni elishumi selokhu kubuye isizini ngenyanga kaJuni. Izimbangi iMadrid ziyiwine yonke imidlalo yazo elishumi.
“Nginesiqinisekiso sokuthi sizobuya siyiqembu elishintshile uma sesidlala neNapoli KwiChampions League. Yilokho kuphela engingakwazi ukushintsha, sengike ngazithola ngikulezi zimo ngaphambilini. IMadrid iwine yonke imidlalo, thina salahla amaphuzu emidlalweni ebekumele siyiwine. Asibanga nenhlanhla yokuwina imidlalo ebesijuluka kuyo, njengezimbangi zethu,” kuchaza uSetien.