Umdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs u-Edmilson Dove uyavuma ukuthi babhekene nenkinga yokudedela amagoli kalula kodwa uthi inkinga ayikho kubadlali basemuva kuphela.
IChiefs isidedele amagoli awu-28 kule sizini emdlalweni ewu-23. IMarumo Gallants naMaZulu FC kuphela abangenise amagoli amaningi kuMakhosi kule sizini okubeka ngokusobala inkinga yokuvuza emuva.
UDove, osanda kubuya ekulimaleni kodwa osebuye wadlala isikimu kuBradley Cross uthi inkinga ayikho emuva kuphela.
“Ukuvimba iqembu elihlaselayo akuqali emuva. Yinkinga yeqembu lonke,” kusho uDove obekhuluma nabezindaba eKaizer Chiefs Village eNaturena ngoLwesine ngaphambi komdlalo weChiefs neTS Galaxy.
“Kunezinto okufanele sizilungise, kusukela phambili kuya emuva, ngoba uma kungena amagoli, akulona iphutha labasemuva kuphela, yinkinga yeqembu lonke.”
“Yinto okufanele siyilungise sonke, hhayi abadlali basemuva kuphela. Sidinga ukulungisa esingakwenzanga kahle emdlalweni emibili edlule.”
UDove uqhube wathi kukhona nokunye okuhle abakwenzayo kodwa badinga ukulungisa inkinga yokuvuza amagoli ukuze bezokwazi ukunqoba imidlalo.